1 kaPetru 3:2-6
1 kaPetru 3:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, okokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo ezikhangayo, kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba babekade bezihlobisa kanjalo abesifazane abakholwayo, labo abethemba uNkulunkulu, futhi bewathobela amadoda abo, njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo.
1 kaPetru 3:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo, njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.
1 kaPetru 3:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
bebona inkambo yenu emhlophe kanye nokwesaba. Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo; Kodwa makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo, ekuhlobeni okungaboliyo, okungomoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. Ngokuba endulo bazihlobisa nabesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo; njengoba nje uSara wamlalela uAbrahama embiza ngokuthi nkosi
1 kaPetru 3:2-6 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)