1 AMakhosi 9:10-28

1 AMakhosi 9:10-28 ZUL20

Kwathi sekuphele iminyaka engama-20 uSolomoni akhe ngayo zombili izindlu: indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, uHiramu, inkosi yaseThire, owayesize uSolomoni ngemisedari, ngemisayiphuresi, ngegolide nangakho konke ayekufisa, inkosi uSolomoni yamnika uHiramu imizi engama-20 eGalile. UHiramu wasuka eThire ukuyobona imizi uSolomoni ayemnike yona, kodwa ayizange imgculise. Wathi: “Mfowethu, iyini le mizi onginike yona na?” Wayibiza ngeKhabhuli kuze kube yinamuhla. UHiramu wayesethumela enkosini amathalenta ayi-120 egolide. Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri. UFaro, inkosi yaseGibhithe, wayenyukile walidla iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehleli emzini, wayeselinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, laba yisipho sayo. USolomoni walakha kabusha iGezeri, iBhethi Horoni eZansi, iBhalathi, iThamari elalisehlane lalelo lizwe, nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo. Bonke abantu abayinsali yama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ababengesibo abantu bakwa-Israyeli, nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla. Kepha kwabakwa-Israyeli uSolomoni akenzanga namunye waba yisigqila, ngokuba bona babengamabutho, izinceku zakhe, izikhulu zakhe, abakhuzi bempi, abaphathi bezinqola zakhe nabamahhashi bakhe. Bona babeyizinduna ezinkulu ezazengamele umsebenzi kaSolomoni ezazingama-550, ziphethe abantu ababesebenza. Indodakazi kaFaro kuphela eyasuka emzini kaDavide yaya endlini yayo, inkosi eyayiyakhele yona; wayakha futhi neMilo. USolomoni wayenikela kathathu ngonyaka ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-althare ayelakhele uSimakade, eshisa impepho kanye neminikelo phambi kukaSimakade. Wayeseqedile ukwakha indlu. Inkosi uSolomoni yakha imikhumbi e-Eziyoni Gebheri eseceleni kwase-Elathi ogwini loLwandle Lomhlanga kwa-Edomi. UHiramu wathumela ngaleyo mikhumbi izinceku zakhe, ezazingamatilosi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. Zaya e-Ofiri, zalanda lapho igolide elingamathalenta angama-420, zaliletha enkosini uSolomoni.