1 AmaKhosi 9:10-28

1 AmaKhosi 9:10-28 ZUL59

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide. Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona. Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla. Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini. Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo. Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu. Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo