1 KaJohane 4:17-20

1 KaJohane 4:17-20 ZUL20

Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala. Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga.