1 kaJohane 4:17-20
1 kaJohane 4:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
1 kaJohane 4:17-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalokhu uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni; kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso. Owesabayo akapheleliswa othandweni. Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga
1 kaJohane 4:17-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenxa yalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze kuthi ngosuku lokwahlulelwa sime ngesibindi, ngokuba njengalokhu Yena eluthando, nathi sinjalo kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni. Uthando olupheleleyo luyakuxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba nguYena owasithanda kuqala. Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
1 kaJohane 4:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni. Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
1 kaJohane 4:17-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)