Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena. Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwayo. Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya. Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje. Othanda umzalwane wakhe, uhlala ekukhanyeni; akukho sikhubekiso kuye.
Funda 1 KaJohane 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaJohane 2:5-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo