1 kaJohane 2:5-10
1 kaJohane 2:5-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni; umyalo omdala uyizwi enalizwayo. Futhi nginilobela umyalo omusha owona uyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. Lowo othi usekukhanyeni, abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube kalokhu. Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye
1 kaJohane 2:5-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Bazalwane, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwa kwasekuqaleni. Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje. Lowo othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, njalo kakulasikhubekiso kuye.
1 kaJohane 2:5-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ogcina izwi lakhe, impela uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye. Lowo othi uhlala kuye, kufanele ahambe njengalokhu ahamba Yena. Bathandekayo, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwayo. Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya. Umuntu othi usekukhanyeni, kodwa abe ezonda umzalwane wakhe, usesebumnyameni kuze kube manje. Othanda umzalwane wakhe, uhlala ekukhanyeni; akukho sikhubekiso kuye.
1 kaJohane 2:5-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)