1 kaJohane 2:5-10

1 kaJohane 2:5-10 CZB24

Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Bazalwane, anginilobeli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala enaninawo kwasekuqaleni. Umyalo omdala uyizwi enalizwa kwasekuqaleni. Futhi nginilobela umyalo omusha, okuliqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyadlula, nokukhanya kweqiniso sekuyakhanya. Lowo othi usekukhanyeni, kodwa ezonda umzalwane wakhe, usebumnyameni kuze kube manje. Lowo othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, njalo kakulasikhubekiso kuye.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 2:5-10