1 KwabaseKhorinte 8
8
Incazelo Mayelana Nokuhlatshelwe Izithombe
1 Mayelana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi ngalokho. Ulwazi luyakhukhumeza, kodwa uthando luyakha. 2 Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi okuthile, akakazi njengokuba kufanele ukuba azi. 3Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.
4 Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe yinto engelutho emhlabeni, nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela. 5Ngokuba nakuba kukhona okuthiwa onkulunkulu, noma ngabe kusezulwini noma kusemhlabeni, njengalokhu kukhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi, 6 kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.
7 Kepha akusibo bonke abantu abanalolo lwazi. Abanye lokhu basajwayele izithombe kuze kube manje, basakudla ukudla sengathi kuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola. 8 Ukudla akusisondezi kuNkulunkulu, ngokuba uma singadli, asilahlekelwa yilutho, noma sidla, asizuzi lutho. 9 Kepha qaphelani, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka. 10Ngokuba uma umuntu ebona wena onolwazi udla ethempelini lesithombe, ngabe unembeza walowo osebuthakathaka awuyukudideka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe na? 11 Lowo obuthakathaka uyakubhubha ngenxa yolwazi lwakho, umzalwane uKhristu afa ngenxa yakhe. 12Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKhristu. 13 Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngayidla inyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.
Okuqokiwe okwamanje:
1 KwabaseKhorinte 8: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.