1 KwabaseKhorinte 12:28-31

1 KwabaseKhorinte 12:28-31 ZUL20

UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi. Ngabe bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaphrofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Ngakho-ke langazelelani iziphiwo ezibalulekileyo. Kanti-ke sengizakunikhombisa indlela okuyiyona enhle kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 12:28-31