1 kwabaseKorinte 12:28-31

1 kwabaseKorinte 12:28-31 ZUL59

UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 12:28-31