1 kwabaseKorinte 12:28-31
1 kwabaseKorinte 12:28-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu ubekile abathile ebandleni: okokuqala abaphostoli, okwesibili abaphrofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yilabo abenza imisebenzi yamandla, abaneziphiwo zokuphulukisa, ezokusiza, ezokuphatha, nezilimi ngezilimi. Ngabe bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaphrofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Ngakho-ke langazelelani iziphiwo ezibalulekileyo. Kanti-ke sengizakunikhombisa indlela okuyiyona enhle kakhulu.
1 kwabaseKorinte 12:28-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi uNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, emva kwalokho izimangaliso, bese kuba izipho zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke benza izimangaliso na? Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Kodwa zondelelani izipho ezinhle kakhulu, kodwa ngilitshengisa indlela enhle kakhulu.
1 kwabaseKorinte 12:28-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Futhi uNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, emva kwalokho izimangaliso, bese kuba izipho zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke benza izimangaliso na? Bonke baneziphiwo zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Kodwa zondelelani izipho ezinhle kakhulu, kodwa ngilitshengisa indlela enhle kakhulu.
1 kwabaseKorinte 12:28-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, bese kuba yimisebenzi yamandla, bese kuba yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabaprofethi na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? Bonke bayahumusha na? Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.