1 KwabaseKhorinte 10:23-33

1 KwabaseKhorinte 10:23-33 ZUL20

Konke kuvunyelwe, kodwa akusizi konke; konke kuvunyelwe, kodwa akwakhi konke. Makungabi bikho ozifunela okwakhe, kepha akube yilowo nalowo afunele omunye. Konke okuthengiswa esilaheni kudleni, ningaphenyi lutho ngakho ngenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. Uma omunye wabangakholwayo enimema, nithanda ukuya lapho, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi mbuzo ngenxa kanembeza. Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza. Angisho unembeza wakho, kodwa unembeza walowo muntu. Kungani inkululeko yami ithiywe ngunembeza womunye na? Uma ngidla ngokubonga, pho ngigxekelwani ngalokho engikubongayo na? Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu, njengalokhu nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okuzosiza mina kuphela, kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 KwabaseKhorinte 10:23-33