1 kwabaseKorinte 10:23-33

1 kwabaseKorinte 10:23-33 ZUL59

Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke. Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye. Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza, ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza. Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza, kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na? Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na? Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu, njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 10:23-33