1 KwabaseKhorinte 1:26-31

1 KwabaseKhorinte 1:26-31 ZUL20

Ngokuba bazalwane, khumbulani ukubizwa kwenu ukuthi kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, futhi kababaningi abayizikhulu. Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla. Izinto zezwe ezibukelwa phansi, izinto ezidelelwayo, nezinto ezingekho, uNkulunkulu wazikhetha, ukuba achithe ngazo ezikhona, ukuze kungabi bikho muntu ozigabisayo phambi kukaNkulunkulu. Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa, ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ozibongayo makazibonge eNkosini.”