AmaHubo 81:10-12

AmaHubo 81:10-12 ZUL59

Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise. “Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga. Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.