AmaHubo 81
81
Ihubo lomkhosi
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi.* Elika-Asafa.
1Halalisani uNkulunkulu amandla ethu,
nimemeze ngokujabula kuNkulunkulu kaJakobe.
2Hlabani ihubo,
nithathe isigubhu nehabhu* elihle nogubhu.
3 Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga
nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.
4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli
nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.
5Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe.
Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:
6 “Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,
izandla zakhe zakhululeka eqomeni lokuthwala.
7 Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;
ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,
ngakuvivinya ngasemanzini aseMeriba. Sela*
8 “Zwanini, bantu bami,
ngizakufakaza kini ukuthi:
O Israyeli, sengathi ungangilalela!
9 Makungabikho kuwe unkulunkulu omunye,
ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.
10Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho
owakukhuphula ezweni laseGibithe;
khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
11“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami,
u-Israyeli akanginakanga.
12 Ngase ngibayeka enkanini yenhliziyo yabo
ukuba bahambe ngokuthanda kwabo.
13 “Sengathi abantu bami bangangizwa,
u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.
14Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo,
ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
15Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye,
kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.
16 Ubeyakubapha ukolweni omuhle;
yebo, bengiyakubasuthisa ngezinyosi zasesiweni.”
Okuqokiwe okwamanje:
AmaHubo 81: ZUL59
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.