AmaHubo 37:23-25

AmaHubo 37:23-25 ZUL59

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe. Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe. Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.