AmaHubo 106:7-21

AmaHubo 106:7-21 ZUL59

Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe. Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo. Baba nomhawu ngoMose ekamu,* nango-Aroni ongcwele kaJehova. Umhlaba wavuleka, wamgwinya uDathani, wagqiba iviyo lika-Abiramu. Kokheleka umlilo eviyweni labo; ilangabi lashisa laqeda ababi. Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo. Baguqula kanjalo inkazimulo yabo, yaba njengenkabi edla utshani. Bakhohlwa uNkulunkulu umsindisi wabo owayezenzile izinto ezinkulu eGibithe

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo