AmaHubo 106:1-15

AmaHubo 106:1-15 ZUL59

Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na? Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe. Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo