AmaHubo 106:1-15
AmaHubo 106:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova, azwakalise lonke udumo lwakhe, na? Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe, owenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala. Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe, abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa; bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha; wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe, abalindelanga isiluleko sakhe. Bahaha nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
AmaHubo 106:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova. Dumisani uJehova; ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova na? ngubani ongamemezela zonke izindumiso zakhe na? Ubusisiwe ogcina ukulunga, nowenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho; ukuze ngibone okuhle kwabakhethiweyo bakho, ukuze ngijabule entokozweni yesizwe sakho, ukuze ngizigqaje ngefa lakho. Sonile kanye nawobaba, senzile ububi, senzile okubi. Obaba abaqondanga izimangaliso zakho eGibithe; abazange bacabange ngobuningi bomusa Wakho; kodwa wamgcona ngasolwandle, nangaseSchelfsee. Kodwa wabasindisa ngenxa yebizo lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe amakhulu. Futhi wayikhuza iSchelfsee, futhi yoma; wabahola ekujuleni kungathi badabula ugwadule. Wabakhulula esandleni sabazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo. Basebekholwa ngamazwi akhe; bahlabelela izindumiso zakhe. Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe; abazange balinde iseluleko sakhe. Kodwa okufiswa kakhulu enkangala bamlinga uNkulunkulu enkangala. Futhi wabanika abakucelayo; kepha wathumela ukuwonda emphefumulweni wabo.
AmaHubo 106:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na? Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele. Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi azisibekela izitha zabo, akwaze kwasala nesisodwa kuzo. Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe. Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe. Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kodwa wabathumela ngesifo esincunzayo.