AMahubo 106:1-15

AMahubo 106:1-15 ZUL20

Haleluya! Bongani uSimakade ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na? Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke. Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho, ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho. Thina nokhokho bethu sonile, senze okubi, sikhohlakele. Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga. Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe. Wakhuza uLwandle Lomhlanga, lwasha, wabaholela ekujuleni njengasehlane. Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha. Amanzi azisibekela izitha zabo, akwaze kwasala nesisodwa kuzo. Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe. Kepha basheshe bayikhohlwa imisebenzi yakhe, ababe besasilandela iseluleko sakhe. Baba nenkwankwa nokuhaha ehlane, bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi. Wabanika abakufisayo, kodwa wabathumela ngesifo esincunzayo.