NgokukaMarku 10:13-16

NgokukaMarku 10:13-16 ZUL59

Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 10:13-16