U-Isaya 49:8-13

U-Isaya 49:8-13 ZUL59

Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo, uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’ nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’ “Bayakuklaba ngasezindleleni, amadlelo abo abe semagqumeni onke. Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi. Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela, imendo yami iphakame. Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.” Jabulani nina mazulu, uthokoze nawe mhlaba, niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba, ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe, abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.