Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakukuphendula ngesikhathi somusa, ngikusize ngosuku lokusindiswa; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe, nokubenza badle amafa achithekileyo. Eziboshweni, uthi: ‘Phumani,’ kulabo abasebumnyameni, uthi: ‘Zibonakaliseni.’ “Bayoklaba ngasendleleni, amadlelo abo abe semagqumeni wonke. Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi. Ngiyokwenza zonke izintaba zami zibe yimigwaqo, imendo yami iyakuphakanyiswa. Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga; nalaba eSinimi.” Jabulani mazulu, uthokoze nawe mhlaba, qhumukani zintaba, nihube, ngokuba uSimakade ubaduduzile abantu bakhe, unozwelo kwabahluphekileyo bakhe.
Funda U-Izaya 49
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Izaya 49:8-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo