U-Isaya 49

49
Inceku kaJehova
1 Ngilaleleni nina ziqhingi,
niqaphele nina bantu abakude;
uJehova ungibizile kwasekuzalweni,
waqamba igama lami kwasezibilinini zikamame.
2 Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali,
wangithukusa ethunzini lesandla sakhe,
wangenza umcibisholo ophucuziweyo,
wangithukusa esambweni sakhe.
3Wathi kimi: “Uyinceku yami,
u-Israyeli, engiyakuzidumisa kuye.”
4Kepha ngase ngithi mina:
“Ngikhandlekele ize,
amandla ami ngiwachithele okuyize
nokungelutho;
nokho ilungelo lami likuJehova,
nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”
5Manje uthi uJehova
owangibumba kwasekuzalweni ukuba
ngibe yinceku yakhe
yokubuyisela kuye uJakobe,
kubuthelwe kuye no-Israyeli futhi
ngidunyisiwe emehlweni kaJehova,
uNkulunkulu wami waba ngamandla ami
6 yebo, uthi:
“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami
ukuvusa izizwe zakwaJakobe,
nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;
ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
7 Usho kanje uJehova,
uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,
kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,
koyinceku yababusi, uthi:
“Amakhosi ayakubona, asukume,
izikhulu zibone, zikhothame
ngenxa kaJehova othembekile,
oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”
8 Usho kanje uJehova, uthi:
“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,
ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;
ngiyakukulondoloza, ngikubeke
ube yisivumelwano sabantu
sokubuyisa izwe
nokubenza badle amafa achithekileyo,
9 uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’
nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’
“Bayakuklaba ngasezindleleni,
amadlelo abo abe semagqumeni onke.
10 Abayikulamba, abayikoma,
abayikushaywa yisifudumezi nelanga,
ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,
abayise emithonjeni yamanzi.
11Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,
imendo yami iphakame.
12 Bheka, laba bayakuvela kude;
bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,
nalaba ezweni laseSinimi.”
13 Jabulani nina mazulu,
uthokoze nawe mhlaba,
niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,
ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,
abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.
Isikhathi somusa
14 Kepha iSiyoni lithi:
“UJehova ungishiyile,
iNkosi ingikhohliwe.”
15 “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
16Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.
17Abantwana bakho bayashesha;
abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.
18 Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:
bonke bayabuthana, bafika kuwe.
Kuphila kwami,” usho uJehova,
“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,
uzibhince ngabo njengomakoti.
19“Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyize
nezwe lakho eliqothuliweyo
kuyakuminyana ngabakhileyo khona,
nabakugwinyileyo bayakuba kude.
20 Abantwana bokusweziselwa kwakho
basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:
Indawo ingumcingo kimi;
sukani kimi ukuba ngihlale.
21Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:
‘Ngubani ongizalele laba,
lokhu ngaphuciwe abantwana bami,
ngingenalutho,
ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?
Ngubani okhulise laba na?
Bheka, ngasala ngedwa;
laba babephi na?’ ”
22 Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:
“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,
ngimisele abantu ibhanela* lami;
bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,
namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.
23 Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,
namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;
bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,
bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;
uyakwazi ukuthi nginguJehova,
abethemba kimi abayikujabha.”
24 Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,
nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?
25Noma kunjalo, uJehova uthi:
“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,
nempango yabacindezeli iyakophulwa,
kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,
ngisindise abantwana bakho.
26Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo,
badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi;
inyama yonke iyakwazi
ukuthi mina Jehova
nginguMsindisi wakho,
noMhlengi wakho,
uMninimandla kaJakobe.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Isaya 49: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo