U-Isaya 40:9-10

U-Isaya 40:9-10 ZUL59

Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.” Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla; ingalo yayo iyakumbusela; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo.