UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
“Qoqanani, nizwe,
nina madodana kaJakobe,
nimlalele u-Israyeli uyihlo.
“Rubeni, uyizibulo lami wena,
amandla ami,
ukuqala kwezikhwepha zami,
ingqongqo ngesithunzi,
ingqongqo ngamandla.
Uyachichima njengamanzi,
awuyikuba nabungqongqo,
ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;
wakhwela okhukhweni lwami.
“OSimeyoni noLevi bayizelamani;
izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
Ungangeni emkhandlwini wabo,
mphefumulo wami;
ungahlangani nebandla labo,
nhliziyo yami,
ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;
ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba
lwalunamandla,
nentukuthelo yabo,
ngokuba yayinonya;
ngizakubahlukanisa kwaJakobe,
ngibasakaze kwa-Israyeli.
“Juda,
abafowenu bazakukudumisa wena;
isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;
amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
UJuda uyibhongo lengonyama.
Wenyuke empangweni,
ndodana yami.
Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;
ngubani oyakumvusa na?
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,
nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,
aze afike yena olufanele lona;
nezizwe ziyakumlalela.
Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,
ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;
uhlanza izingubo zakhe ewayinini,
nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
Amehlo akhe ayaklwela iwayini,
amazinyo akhe amhlophe ubisi.
“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,
abe sosebeni lwemikhumbi;
umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
“U-Isakare uyimbongolo enamandla,
elala phakathi kwezibaya.
Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,
nezwe ukuthi limnandi;
wafolisa ihlombe ukuba athwale,
waba yinceku yempoqo.
“UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,
njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
UDani uyakuba yinyoka endleleni,
inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,
awe nyovane olikhweleyo.
“Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
“UGadi, iviyo liyakumcindezela,
kepha yena uyakucindezela isithende salo.
“Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;
uyakuveza isilovela samakhosi.
UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;
uveza amazwi amnandi.
“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,
ingatsha ethela ngasemthonjeni;
amagatsha akhe akhwela odongeni.
Abacibishelayo bayamkhathaza,
bayamdubula, bayamzingela;
kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;
amandla ezandla zakhe aqiniswa
ngezandla zoMninimandla kaJakobe,
okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,
ngoSomandla ozakukubusisa
ngezibusiso zasezulwini phezulu,
nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,
nangezibusiso zamabele nezesizalo.
Izibusiso zikayihlo zinamandla
kunezibusiso zawokhokho bami,
kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;
ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,
nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
“UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;
ekuseni uyadla impango,
kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.