IGenesisi 49:1-28

IGenesisi 49:1-28 ZUL20

UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo. “Hlanganani, nilalele madodana kaJakobe, lalelani uyihlo u-Israyeli. “Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke. Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami. “USimeyoni noLevi yizelamani, izinkemba zabo ziyizikhali zobudlova. Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha. Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli. “Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele. UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na? Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela. Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini. Amehlo akhe ayakuba bomvu yiwayini, amazinyo akhe abe mhlophe kunobisi. “UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle, abe ngasechwebeni lemikhumbi, imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni. “U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya. Uzothi angabona ukuthi izwe lihle, liyindawo yokuphumula, athobise ihlombe lakhe, ukuze athwale umthwalo, aphenduke isigqila esingakhokhelwa. “UDani uyohola abantu bakhe njengesinye sezizwana zakwa-Israyeli. UDani uyoba yinyoka ngasendleleni, ihobosha emzileni eliluma izithende zehhashi, ukuze umgibeli walo awe nyovane. Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho. “UGadi uyogaselwa yiviyo, kodwa yena uyolihlasela selibaleka. “U-Asheri uyokudla okunonileyo, akhiqize ukudla okufanele amakhosi. “UNafethali uyindluzelekazi ekhululekileyo, ekhuluma amazwi amnandi. “UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni. Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba. Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli, ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho. Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo. “UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.” Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.