UGenesise 49:1-28

UGenesise 49:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo. “Hlanganani, nilalele madodana kaJakobe, lalelani uyihlo u-Israyeli. “Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke. Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami. “USimeyoni noLevi yizelamani, izinkemba zabo ziyizikhali zobudlova. Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha. Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli. “Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele. UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na? Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela. Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini. Amehlo akhe ayakuba bomvu yiwayini, amazinyo akhe abe mhlophe kunobisi. “UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle, abe ngasechwebeni lemikhumbi, imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni. “U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya. Uzothi angabona ukuthi izwe lihle, liyindawo yokuphumula, athobise ihlombe lakhe, ukuze athwale umthwalo, aphenduke isigqila esingakhokhelwa. “UDani uyohola abantu bakhe njengesinye sezizwana zakwa-Israyeli. UDani uyoba yinyoka ngasendleleni, ihobosha emzileni eliluma izithende zehhashi, ukuze umgibeli walo awe nyovane. Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho. “UGadi uyogaselwa yiviyo, kodwa yena uyolihlasela selibaleka. “U-Asheri uyokudla okunonileyo, akhiqize ukudla okufanele amakhosi. “UNafethali uyindluzelekazi ekhululekileyo, ekhuluma amazwi amnandi. “UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni. Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba. Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli, ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho. Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo. “UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.” Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.

UGenesise 49:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo. “Qoqanani, nizwe, nina madodana kaJakobe, nimlalele u-Israyeli uyihlo. “Rubeni, uyizibulo lami wena, amandla ami, ukuqala kwezikhwepha zami, ingqongqo ngesithunzi, ingqongqo ngamandla. Uyachichima njengamanzi, awuyikuba nabungqongqo, ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona; wakhwela okhukhweni lwami. “OSimeyoni noLevi bayizelamani; izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu. Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha. Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba lwalunamandla, nentukuthelo yabo, ngokuba yayinonya; ngizakubahlukanisa kwaJakobe, ngibasakaze kwa-Israyeli. “Juda, abafowenu bazakukudumisa wena; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela. UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni, ndodana yami. Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani oyakumvusa na? Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona; nezizwe ziyakumlalela. Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle; uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini. Amehlo akhe ayaklwela iwayini, amazinyo akhe amhlophe ubisi. “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni. “U-Isakare uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya. Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo. “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe, njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli. UDani uyakuba yinyoka endleleni, inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi, awe nyovane olikhweleyo. “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova. “UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo. “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe; uyakuveza isilovela samakhosi. UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo; uveza amazwi amnandi. “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo, ingatsha ethela ngasemthonjeni; amagatsha akhe akhwela odongeni. Abacibishelayo bayamkhathaza, bayamdubula, bayamzingela; kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile; amandla ezandla zakhe aqiniswa ngezandla zoMninimandla kaJakobe, okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli, ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza, ngoSomandla ozakukubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nangezibusiso zasotweni olukhona phansi, nangezibusiso zamabele nezesizalo. Izibusiso zikayihlo zinamandla kunezibusiso zawokhokho bami, kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo; ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade, nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo. “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo; ekuseni uyadla impango, kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.” Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.

UGenesise 49:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, ukuze nginitshele okuyakwenzeka kini ezinsukwini zokugcina. Buthani nilalele, madodana kaJakobe! ulalele uyihlo u-Israyeli. Rubeni, uyizibulo lami, amandla ami, nengqalo yamandla ami, ubuhle besithunzi, nobuhle bamandla. Ongazinzile njengamanzi, awuyikuba mnandi; ngoba wenyukela embhedeni kayihlo; bese uyalingcolisa; wakhuphukela embhedeni wami. USimeyoni noLevi bayizelamani; amathuluzi obudlova asezindlini zabo. O mphefumulo wami, ungangeni ekusithekeni kwabo; Ungahlangani nomhlangano wabo, mhlonishwa wami, ngokuba ngokuthukuthela kwabo babulele umuntu, nangokwabo badiliza ugange. Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli. Juda, wena oyakubabonga abafowenu; isandla sakho siyakuba sentanyeni yezitha zakho; abantwana bakayihlo bazakukhothamela. UJuda uyingonyama; Wenyuka empangweni, ndodana yami; ngubani ozamvusa? Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu. Ubophela ithole lakhe emvinini nethole lakhe emvinini okhethiweyo; wageza izingubo zakhe ewayinini, nezingubo zakhe egazini lezithelo zomvini. Amehlo akhe ayakubabomvu yiwayini, namazinyo akhe amhlophe ngobisi. UZebuloni uyakuhlala ngasechwebeni lolwandle; futhi uyakuba yichweba lemikhumbi; futhi umkhawulo wakhe uyofinyelela eSidoni. U-Isakare uyimbongolo enamandla elele phakathi kwemithwalo emibili; Wabona ukuthi ukuphumula kuhle, nezwe limnandi; wagoba ihlombe lakhe ukuba athwale, waba yisigqila sokutheliswa. Khona-ke abantu bayo bayokwahlulela njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli. Khona-ke kuyoba khona inyoka endleleni, inyoka endleleni, iluma ihhashi ezithendeni, ukuze umgibeli walo awe nyovane. Ngilindele insindiso yakho, Jehova. UGadi, iqembu lezigelekeqe lizamnqoba, kodwa ekugcineni lizamnqoba. Ku-Asheri isinkwa sakhe siyakuba ngamanoni, futhi uyonika izibiliboco zasebukhosini. UNafetali uyindluzelekazi ekhululweyo; unamazwi amahle. UJosefa uyigatsha elithelayo, isihlahla sesithelo ngasemthonjeni; amagatsha awo awela odongeni; Abacibishelayo bamdabukisa kakhulu, bamdubula, bamzonda. Kepha umnsalo wakhe unamandla, nezingalo zezandla zakhe zaqiniswa ngesandla sikaNkulunkulu onamandla kaJakobe; (ngakho-ke umalusi, idwala lika-Israyeli:) NgoNkulunkulu kayihlo ozokusiza; ngoSomandla oyakunibusisa ngezibusiso ezivela ezulwini phezulu, izibusiso zikazamcolo owela phansi, izibusiso ezivela emabeleni nasesiswini. Izibusiso zikayihlo zedlula izibusiso zabokhokho bami kuze kube semkhawulweni wezintaba zaphakade; ziyakuba sekhanda likaJosefa nasokhakhayini lwekhanda lalowo owahlukaniswa nabafowabo. UBenjamini uklebhula njengempisi; ekuseni uyakushwabadela impango, ebusuku ahlukanise impango. Bonke laba bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; futhi yilokhu uyise akukhuluma kubo wababusisa; wababusisa kwaba yilowo nalowo ngokwesibusiso sakhe.