UGenesise 49

49
UJakobe ubusisa amadodana akhe
1 UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.
2“Qoqanani, nizwe,
nina madodana kaJakobe,
nimlalele u-Israyeli uyihlo.
3“Rubeni, uyizibulo lami wena,
amandla ami,
ukuqala kwezikhwepha zami,
ingqongqo ngesithunzi,
ingqongqo ngamandla.
4 Uyachichima njengamanzi,
awuyikuba nabungqongqo,
ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;
wakhwela okhukhweni lwami.
5“OSimeyoni noLevi bayizelamani;
izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.
6 Ungangeni emkhandlwini wabo,
mphefumulo wami;
ungahlangani nebandla labo,
nhliziyo yami,
ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;
ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.
7 Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokuba
lwalunamandla,
nentukuthelo yabo,
ngokuba yayinonya;
ngizakubahlukanisa kwaJakobe,
ngibasakaze kwa-Israyeli.
8“Juda,
abafowenu bazakukudumisa wena;
isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;
amadodana kayihlo ayakukukhothamela.
9 UJuda uyibhongo lengonyama.
Wenyuke empangweni,
ndodana yami.
Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;
ngubani oyakumvusa na?
10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,
nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,
aze afike yena olufanele lona;
nezizwe ziyakumlalela.
11Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,
ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;
uhlanza izingubo zakhe ewayinini,
nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.
12Amehlo akhe ayaklwela iwayini,
amazinyo akhe amhlophe ubisi.
13 “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,
abe sosebeni lwemikhumbi;
umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.
14“U-Isakare uyimbongolo enamandla,
elala phakathi kwezibaya.
15Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,
nezwe ukuthi limnandi;
wafolisa ihlombe ukuba athwale,
waba yinceku yempoqo.
16 “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,
njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.
17UDani uyakuba yinyoka endleleni,
inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,
awe nyovane olikhweleyo.
18 “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.
19“UGadi, iviyo liyakumcindezela,
kepha yena uyakucindezela isithende salo.
20 “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;
uyakuveza isilovela samakhosi.
21 UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;
uveza amazwi amnandi.
22“UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,
ingatsha ethela ngasemthonjeni;
amagatsha akhe akhwela odongeni.
23Abacibishelayo bayamkhathaza,
bayamdubula, bayamzingela;
24kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;
amandla ezandla zakhe aqiniswa
ngezandla zoMninimandla kaJakobe,
okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
25 ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,
ngoSomandla ozakukubusisa
ngezibusiso zasezulwini phezulu,
nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,
nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26Izibusiso zikayihlo zinamandla
kunezibusiso zawokhokho bami,
kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;
ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,
nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;
ekuseni uyadla impango,
kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
28Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.
29Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, 30 umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela; 31 lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya; 32insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”
33UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 49: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo