UDuteronomi 6:6-9

UDuteronomi 6:6-9 ZUL59

Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka. Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.