IzEnzo 3:4-9

IzEnzo 3:4-9 ZUL59

Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo. Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu.

Funda IzEnzo 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 3:4-9