IzEnzo 3:4-9
IzEnzo 3:4-9 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPetro wasemgqolozela kanye loJohane, wathi: Sikhangele. Wabanaka, ethemba ukuthola utho kubo. UPetro wasesithi: Isiliva legolide kangilalo; kodwa lokho enginakho ngikunika khona: Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, sukuma uhambe. Wayibamba ngesandla sokunene, wayiphakamisa; Wasegxuma wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba egxuma, edumisa uNkulunkulu. Bonke abantu bayibona ihamba, idumisa uNkulunkulu
IzEnzo 3:4-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uPhethro noJohane bayigqolozela, wathi kuyo: “Sibheke!” Yayisibabheka, yethembe ukuba yamukele okuthile kubo. Kepha uPhethro wathi: “Isiliva negolide anginalo, kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu uKhristu waseNazaretha, sukuma uhambe.” Wayeseyibamba ngesandla sokunene, wayisukumisa. Masinyane izinyawo zayo namaqakala kwaqina, yagxuma, yema, yahamba, yangena nabo ethempelini, ihamba igxumagxuma, imdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bayibona ihamba, idumisa uNkulunkulu.
IzEnzo 3:4-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo. Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu.
IzEnzo 3:4-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)