IzEnzo 2:3-8

IzEnzo 2:3-8 ZUL59

Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?

Funda IzEnzo 2