IzEnzo 2:3-8
IzEnzo 2:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwabonakala kubo izilimi ezihlukene kungathi ezomlilo, zahlala phezu kwalowo nalowo wabo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu. Kwathi lo mdumo lo, ixuku labuthana, lasanganiseka, ngoba ngulowo lalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakibo. Bamangala bonke, bamangala, bathi omunye komunye: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? Futhi thina sizwa kanjani wonke umuntu ngolimi lwakithi esazalelwa kulo na?
IzEnzo 2:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kubonakala kubo izilimi ezehlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo. Bonke bagcwala uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Sekuzwakele lokhu kuduma, kwabuthana uquqaba, ludidekile, ngokuba yilowo nalowo wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala, bathi: “Bonke laba abakhulumayo abasibo yini abaseGalile na? Pho kwenziwa yini ukuba sonke, ngabanye, sibezwe ngolimi esazalwa nalo na?
IzEnzo 2:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?
IzEnzo 2:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)