UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, wathi:
“UJehova uyidwala lami,
nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu uyidwala lami
engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;
msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
Ngiyamemeza kuJehova
odumisekayo,
ngisindiswe ezitheni zami.
“Ngokuba amaza okufa angihaqa;
izikhukhula zokona zangethusa.
Izintambo zasendaweni yabafileyo
zangizungeza,
izihibe zokufa zangehlela.
Ekuhluphekeni kwami ngambiza
uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
“Umhlaba wawusuzamazama,
wadikizela;
izisekelo zezulu zathuthumela,
zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,
nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;
amalahle avutha kuye.
Wathobisa izulu, wehla;
ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
Wakhwela phezu kwekherubi,*
wandiza;
wabonwa emaphikweni omoya.
Wenza ubumnyama bube
ngamadokodo amphahlayo,
amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe
kwavuthiswa amalahle omlilo.
UJehova waduma ezulwini;
oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.
Wathuma imicibisholo,
wabangquzula,
yebo, nonyazi, wabadidizelisa.
Kwase kubonakala imisinga yamanzi;
izisekelo zomhlaba zambulwa
ngesijeziso sikaJehova,
ngokufutha komoya wamakhala akhe.
Waselula isandla sakhe ephezulu,
wangibamba;
wangikhipha emanzini amaningi.
Wangophula esitheni sami
esinamandla
nakubo abangizondayo,
ngokuba base bengahlulile.
Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme
sami,
kepha uJehova waba yinsika yami.
Wangiphumisela endaweni ebanzi:
wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
“UJehova wangivuza ngokokulunga
kwami;
wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
Ngokuba ngizigcinile izindlela
zikaJehova;
angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
Ngokuba yonke imithetho yakhe
yayiphambi kwami,
nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
Ngangiphelele kuye;
ngabuxwaya ububi.
UJehova wayesebuyisela kimi
njengokulunga kwami,
njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.