2 uSamuweli 22:1-25

2 uSamuweli 22:1-25 ZUL59

UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, wathi: “UJehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe. “Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; wabonwa emaphikweni omoya. Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe. Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangiphumisela endaweni ebanzi: wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. “UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi. Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.