1 kwabaseThesalonika 5:21-28

1 kwabaseThesalonika 5:21-28 ZUL59

vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi. Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi. Bazalwane, sikhulekeleni. Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.