YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 32

32
Ukuvuma Izono Nokuthethelelwa Kwazo
ElikaDavide. IMaskili
1Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe,
osono sakhe sesuliwe.
2Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko,
okungekho nkohliso emoyeni wakhe.
3Ngenkathi ngithule,
amathambo ami awohloka
ngenxa yokububula usuku lonke.
4Isandla sakho sangicindezela kanzima
ubusuku nemini,
ngaphelelwa ngamandla,
kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela
5Ngase ngisivuma isono sami kuwe,
angaze ngasifihla isiphambeko sami.
Ngathi:
“Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,”
Yena wangithethelela icala lokona kwami.
6Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe
ngesikhathi senhlupheko;
impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
7Wena uyindawo yami yokubhaca,
uyangivikela enkathazweni,
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela
8Ngizokubonisa, futhi ngikufundise
indlela ozohamba ngayo;
ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.
9Ungafani nehhashi nomnyuzi okungenakuqonda,
okukhalinywa ngetomu nomkhala
ukuze kuhambe kuqonde,
kungenjalo akuyukuwulalela umthetho wakho.
10Ziningi izinhlupheko zababi,
kodwa umusa uyamhaqa owethemba uSimakade.
11Yethabani kuSimakade nina abalungileyo;
nihlokome ngentokozo
nina nonke enimsulwa enhliziyweni.

Currently Selected:

AMahubo 32: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in