YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 33

33
Ihubo Lokudumisa USimakade Ngezenzo Zakhe Ezinhle
1Yethabani kuSimakade nina abalungileyo.
Ukudumisa kubafanele abaqotho.
2Mbongeni uSimakade ngomqangala,
nimculele ngehabhu elinezintambo ezilishumi.
3Mhlabeleleni ihubo elisha,
ngenhlokomo nangobuciko,
nimdlalele imiqangala.
4Izwi likaSimakade lilungile,
zonke izenzo zakhe zikholekile.
5Uthanda ukulunga nobulungiswa,
umhlaba ugcwele umusa kaSimakade.
6Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade,
kwadalwa amazulu namabandla wonke.
7Uqoqela ndawonye amanzi olwandle
kube sengathi asembizeni,
utwa uluqoqela ezinqolobaneni.
8Umhlaba wonke mawumesabe uSimakade;
bonke abakhileyo ezweni,
mabathuthumele phambi kwakhe.
9Ngokuba wakhuluma, kwaba khona,
wayaleza, kwama, kwagxila.
10USimakade ushafisa icebo labezizwe,
afojise amacebo ezizwe.
11Icebo likaSimakade limi ingunaphakade,
namasu asenhliziyweni yakhe,
ezizukulwaneni ngezizukulwane.
12Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu
waso unguSimakade,
isizwe azikhethele sona
saba yifa lakhe.
13USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni,
ababone bonke abantu.
14Esesihlalweni sakhe sobukhosi, ubabuka bonke
abakhileyo emhlabeni,
15nguYena owadala izinhliziyo zabo bonke;
oqaphela zonke izenzo zabo.
16Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo;
iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu.
17Ihhashi lempi liyize ekunqobeni,
alisindisi ngamandla alo amakhulu.
18Impela iso likaSimakade
liphezu kwalabo abamesabayo,
kulabo abethembela emseni wakhe,
19ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni,
nokubagcina bephilile endlaleni.
20Umphefumulo wethu ulindele uSimakade;
uwusizo lwethu nesihlangu sethu.
21Inhliziyo yethu ithokozile ngaye,
ngoba sethemba igama
lakhe elingcwele.
22Simakade, umusa wakho mawehlele phezu kwethu,
njengalokhu sithemba Wena.

Currently Selected:

AMahubo 33: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in