YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 31

31
Ukumethemba USimakade
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide
1Simakade, ngiphephela kuwe,
mangingajabhiswa naphakade,
ngikhulule ngokulunga kwakho.
2Indlebe yakho ibeke kimi,
ungikhulule ngokushesha.
Yiba yidwala
lokuphephela kimi,
inqaba eqinileyo
engikhosela kuyo.
3Impela Wena uyidwala
lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho
uyangihola,
ungiqondise.
4Ngikhiphe ogibeni
abangicuphe ngalo,
ngokuba Wena
uyisiphephelo sami.
5Umoya wami ngiwubeka
esandleni sakho,
ungikhululile, Simakade,
Nkulunkulu weqiniso.
6Ngiyabazonda labo
abakhonza onkulunkulu abayize,
kodwa mina
ngethembele kuSimakade.
7Ngizokwethaba
ngijabule ngomusa wakho,
ngokuba ukubonile
ukuhlupheka kwami,
wazinaka izinsizi
zomphefumulo wami;
8awunginikelanga
esandleni sesitha,
wazimisa izinyawo zami
endaweni ebanzi.
9Yiba nomusa kimi, Simakade,
ngokuba ngisenkathazweni,
iso lami liyafiphala
ngenxa yosizi,
nomphefumulo
nomzimba wami.
10Ngokuba ukuphila kwami
kuphelela osizini,
neminyaka yami ekububuleni;
amandla ami aphelile
ngokona kwami,
namathambo ami ancunzekile.
11Ngiyisigcono sazo
zonke izitha zami,
ingasaphathwa-ke
eyomakhelwane bami.
Sengiyinto esabisayo
kubangani bami.
Engihlangana nabo emgwaqweni
bayangibalekela.
12Sebengikhohliwe
ezinhliziyweni zabo,
senginjengomuntu ofileyo,
nesitsha esephukileyo.
13Ngokuba ngikuzwile
ukuhleba kwabaningi,
nokwesabisa nxazonke.
Baceba amacebo
okumelana nami;
bahlongoza ukungibulala.
14Kepha mina
ngethemba Wena Simakade,
ngithi:
“Wena unguNkulunkulu wami.”
15Izikhathi zami
zisesandleni sakho,
ngikhulule esandleni
sezitha zami
nakulabo abangizingelayo.
16Khanyisa ubuso bakho
phezu kwenceku yakho,
ngomusa wakho ungisindise.
17Simakade mangingajabhiswa,
ngokuba ngikhala kuwe,
izikhohlakali mazijabhiswe,
ziyiswe kwelabafileyo
sezithule.
18Mazithuliswe izindebe zamanga
ezijivaza olungileyo
ngokuzidla nangokweyisa.
19Yeka ubukhulu
bomusa wakho,
owulondele labo abakwesabayo,
owenzele labo
ababalekela kuwe
phambi kwabantu.
20Ubafihla emphemeni
wobukhona bakho,
ezigungwini zababakhela uzungu.
Ubagcina bephephile
edokodweni lakho,
olimini olumbaxambili.
21Makabongwe uSimakade,
ngokuba ungenzele
umusa wakhe omangalisayo
ngesikhathi ngisemzini
ovinjezelweyo.
22Ngenxa yovalo mina ngithe:
“Ngixoshiwe phambi
kwamehlo akho.”
Kepha ukuzwile ukunxusa kwami
ngesikhathi ngikhala kuwe.
23Mthandeni uSimakade
nina nonke abamethembayo.
USimakade uyabalondoloza
abathembekileyo,
aziphindiselele kulowo ozidlayo.
24Qinani, inhliziyo yenu
ime isibindi,
nina nonke enethembela kuSimakade.

Currently Selected:

AMahubo 31: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in