YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 19

19
UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Israyeli
Ukufika ESinayi
1 Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi. 2 Basuka eRefidimi bafinyelela ehlane iSinayi, bakanisa ehlane; abakwa-Israyeli bakanisa lapho-ke, phambi kwentaba.
3UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi: 4 ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. 5 Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. 6 Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ”
7 UMose wahamba wabiza amalunga abantu, wakhuluma phambi kwawo wonke amazwi uSimakade ayemyale ngawo. 8Bonke abantu baphendula ngazwi linye, bathi: “Siyokwenza konke uSimakade akushilo kithi.”
UMose wabuyisela kuSimakade wonke amazwi ayekhulunywe ngabantu.
9 USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.”
UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.
10 USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izembatho zabo, 11 bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke. 12Uyakubamisela abantu umngcele nxazonke, uthi: ‘Qaphelani ningenyukeli entabeni, noma nithinte umngcele wayo. Noma ngubani othinta intaba uyakubulawa impela. 13 Mabangathintwa ngesandla, kodwa mabakhandwe ngamatshe, noma bacitshwe ngemicibisholo, noma ngabe yisilwane, noma ngumuntu akuyukuphila.’ Lapho icilongo likhala isikhathi eside, bayokhuphukela entabeni.”
14UMose wehla entabeni, waya kubantu. Wabangcwelisa abantu base behlanza izingubo zabo. 15Wathi kubantu: “Zilungiseleleni lezi zinsuku ezintathu; ningasondeli kwabesifazane.”
16 Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela. 17UMose wabahola abantu enkanjini ukuba bayohlangana noNkulunkulu, bama ekuqaleni kwentaba. 18 Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu. 19Lapho umsindo wecilongo wawulokhu uzwakala kakhulu ungathuli, uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu. 20 USimakade wehlela esiqongweni sentaba iSinayi, wayesebiza uMose ukuba akhuphukele kuso, uMose wakhuphuka. 21 USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha. 22 Nabaphristi abasondela kuSimakade mabazingcwelise, funa uSimakade ababhubhise.”
23 UMose wathi kuSimakade: “Abantu ngeke bakhuphukele entabeni iSinayi, ngokuba Wena usixwayisile, wathi: ‘Misa umngcele, uyingcwelise intaba.’ ”
24 USimakade wathi kuye: “Yehla, uhambe ubuye no-Aroni nize lapha, kodwa abaphristi nabantu mabangafohli bakhuphukele kuSimakade funa ababhubhise.”
25UMose wehla wakhuluma nabantu.

Currently Selected:

I-Eksodusi 19: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in