YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 20

20
Imiyalelo Elishumi
1UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi:
2 “NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.
3 Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
4 Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba. 5 Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, 6 kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
7 Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.
8 Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. 9 Uyosebenza ngezinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, 10kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho, 11 ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.
12 Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.
13 Ungabulali.
14 Ungaphingi.
15 Ungebi.
16 Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.
17 Ungayifisi indlu yomakhelwane wakho; ungamfisi umfazi womakhelwane wakho, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, noma yini kamakhelwane wakho.”
Ukwesaba Kwabantu
(IDut. 5:23-33)
18 Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude. 19 Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife.”
20 UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”
21 Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.
Umthetho Wokwakhiwa Kwe-althare
22 USimakade wathi kuMose: “Uyakusho lokhu kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Nizibonele ukuthi ngikhulume nani ngisezulwini. 23 Aniyukuzenzela abanye onkulunkulu ngaphandle kwami, onkulunkulu besiliva noma begolide aniyukuzenzela bona. 24 Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise. 25 Uma ningakhela i-althare lamatshe, aniyukulakha ngamatshe abaziweyo, ngokuba nilingcolisile ngamashizolo eniwasebenzise kulo. 26 Awuyukwenyukela e-althare lami ngezitebhisi, funa kwambulwe ubunqunu bakho.’ ”

Currently Selected:

I-Eksodusi 20: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in