YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 18

18
Ukuvakasha KukaJethro
1 UJethro, umphristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu ayekwenzele uMose nabantu bakhe bakwa-Israyeli, ukuthi uSimakade wayemkhiphe kanjani u-Israyeli eGibhithe. 2 UJethro, umukhwe kaMose, wathatha uZiphora umkaMose owayekade uMose emphindisele emuva, 3 namadodana akhe amabili, igama lenye kwakunguGereshomu, ngokuba wayethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe,” 4 igama lenye kungu-Eliyezeri, ngokuba ethi: “UNkulunkulu kababa ulusizo lwami, ungikhululile enkembeni kaFaro.”
5 UJethro, umukhwe kaMose, wafika ehlane lapho uMose ayekanise khona entabeni kaNkulunkulu, nomkaMose namadodana akhe. 6Wathi kuMose: “Mina Jethro, umukhwe wakho, ngiyeza kuwe, nomkakho, namadodana akho omabili.”
7 UMose waphuma ukuyomhlangabeza umukhwe wakhe, wakhothama, wamanga, babuzana impilo, base bengena ethendeni. 8 UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani. 9 UJethro wathokoza ngakho konke okuhle uSimakade ayekwenzele u-Israyeli, ebakhulula esandleni sabaseGibhithe.
10 UJethro wathi: “Makabongwe uSimakade, onikhululile kwabaseGibhithe nasesandleni sikaFaro. 11 Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”
12 UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.
Ukuqokwa Kwabehluleli
13Ngakusasa uMose wahlalela ukwehlulela abantu, abantu bema ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa. 14Umukhwe kaMose wakubona konke lokhu ayekwenzela abantu, wathi kuye: “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Kungani uhlale wedwa, uzungezwe ngabantu kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”
15 UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuzobuza okushiwo nguNkulunkulu. 16Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.”
17Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle. 18 Uzozikhandla uzikhathaze wena nalaba bantu onabo, ngokuba lo msebenzi mkhulu kakhulu kunawe, awunakukwazi ukuwenza uwedwa. 19Manje ngilalele, ngizokweluleka, uNkulunkulu abe nawe. Ufanele ukukhulumela abantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba zabo kuNkulunkulu; 20 bafundise izimiso nemithetho, ubenze bayiqonde indlela okumele bahambe ngayo, nomsebenzi okufanele bawenze. 21 Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi. 22 Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe. 23Uma ukwenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanjalo, uyokwazi ukuma, nabantu bonke babuyele emizini yabo benokweneliswa.”
24UMose wamlalela umukhwe wakhe, wakwenza konke ayekushilo. 25 UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi. 26 Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo. 27 UMose wavalelisana nomukhwe wakhe, uJethro wahamba wabuyela ezweni lakubo.

Currently Selected:

I-Eksodusi 18: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy