YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 33

33
U-Elihu ukhuza uJobe ngokusola kwakhe uNkulunkulu
1“Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
2Bheka-ke, sengivula umlomo wami;
ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;
okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4Umoya kaNkulunkulu ungenzile,
nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5Uma ukwazi, ngiphendule;
zihlele phambi kwami, ume.
6 Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu:
ngibunjiwe nami ngebumba.
7Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa,
nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
8“Impela wakhuluma ezindlebeni zami,
ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:
9 Ngimsulwa, anginasiphambeko;
ngimhlophe, akukho okubi kimi.
10 Bheka, uthola amathuba ngami,
ungishaya isitha sakhe.
11 Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,
aqaphele zonke izindlela zami.
12“Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho,
ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13 Umphikiselani ngokuthi:
Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye,
yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
15Ephusheni nasembonweni wasebusuku,
lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,
bozela emacansini,
16 khona uyavula izindlebe zabantu,
abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,
anqume ukuzidla kumuntu;
18unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,
nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
19Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,
nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
20Inhliziyo iyanengwa ngukudla,
nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21Inyama yakhe iyadliwa,
ingabe isabonwa;
amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,
nokuphila kwakhe kubabulali.
23 “Uma kukhona ingelosi kuye,
nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni
lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:
‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,
sengitholile ihlawulo,’
25inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana,
abuyele emihleni yobusha bakhe,
26 khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye,
abone ubuso bakhe ngokujabula,
abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
27Usehlabelela phambi kwabantu, uthi:
‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga,
kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:
28uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini;
ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’
29“Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza
kabili, yebo, kathathu kumuntu
30 ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini,
akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
31Yizwa, Jobe, ungilalele;
thula, mina ngizakukhuluma.
32Uma unamazwi, ngiphendule;
khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.
33Uma ungenawo, ngilalele wena;
thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”

Currently Selected:

UJobe 33: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in