YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 32

32
U-Elihu uyaqhamuka
1Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe. 2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu. 3Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe. 4U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye. 5Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:
“Mina ngisemusha ngeminyaka,
nina nibadala;
ngalokho nganginamahloni,
ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,
ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’
8Nokho kukhona umoya kumuntu;
ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9Abakhulu abahlakaniphile,
nabadala abaqondi ukwahlulela.
10“Ngalokho ngithi: Ngizweni;
nami ngiyakusho umqondo wami.
11Bhekani, ngilindele amazwi enu,
ngabeka indlebe emiqondweni yenu,
nisaphenya eniyakukusho.
12Nganilalela nina;
bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe
nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13Maningasho ukuthi:
‘Sifumene ukuhlakanipha;
uNkulunkulu angamphengulula,
hhayi umuntu.’
14Akahlelelanga mina amazwi akhe;
angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15“Bayakhungatheka, abasaphenduli;
baphelelwa ngamazwi.
16Ngibalindele yini,
uma bengakhulumi, na?
Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17Nami ngiyakuphendula okwami,
ngitshengise nami umqondo wami.
18Ngokuba ngigcwele amazwi;
umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;
kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;
ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21Mangingakhethi ubuso bamuntu,
ngingathophi nobani.
22Ngokuba angikwazi ukuthopha;
uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

Currently Selected:

UJobe 32: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in