Ephusheni nasembonweni wasebusuku,
lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,
bozela emacansini,
khona uyavula izindlebe zabantu,
abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,
anqume ukuzidla kumuntu;
unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,
nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.