Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele Isampula

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

USUKU 7 KWEZINGU- 30

Lapho ngikhononda futhi ngithi, “Kungani uNkulunkulu evumela lokhu?” Angigcini nje ngokungabinalusizo kodwa ngiyingozi. Ukutshela uNkulunkulu ukuthi yini okufanele ayenze, ukuthi abantu bayalahleka nokuthi kufanele abasindise, kuyicala elibi elibhekiswe kuNkulunkulu, kusho ukuthi ngabe ulele. Lapho uNkulunkulu engenza ngibone ukuthi ngingeniswa emisebenzini Yakhe, ngibe sengithola ukuphumula komphefumulo. Umkhankaso omkhulu ungokaNkulunkulu, hhayi owami.

Umthandazo uwumsebenzi, awusibo ubuhlungu, kodwa ukusebenza emhlabathini wokuHlengwa kweNkosi yethu ngokuqiniseka okulula Kuye. Umthandazo ulula kithi ngoba wabiza kakhulu kuye ukuze enze kube nokwenzeka kithi. Unkulunkulu usinike ukuthi simsebenzele ukunqoba kwakhe ngokuthatha indlela Yakhe ngakho.

Imibuzo Yokuzindla: Imizwa yami yokungabi nathemba iwuthiya kanjani umsebenzi kaNkulunkulu empilweni yami nasemhlabeni? Ithemba lami liyancipha ngoba angiwuthathi ngokweqiniso umsebenzi womthandazo?

Izingcaphuno ezithathwe ku-The Place of Help and If You Will Ask, © Discovery House Publishers
Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org