UKristu Indlovukazi Yethu Yokugcina U-EsteriIsampula
Ukubonakaliswa KukaKristu Nathi
Indaba ka-Esteri isikhumbuza ukuthi sonke sizalelwa kulo mhlaba sikhubazeke ngenxa yefa lokufa okungokomoya esingenamandla okulishintsha noma ukulihlehlisa. Indaba yakhe isikhumbuza futhi ngoJesu owaba ngumuntu njengathi ngazo zonke izindlela, ukuze azihlanganise nathi ngokugcwele ekushodeni kwethu ngokomoya.
Sithatha indaba lapho amaJuda kulo lonke elasePheresiya ekhala futhi azila ukudla egqoke indwangu yesaka nomlotha ukuze abonise ukudangala kwawo lapho ebhekene netulo likaHamani lokuqothula uhlanga. UMoridekayi wenza okufanayo, khona kanye emnyango wesigodlo seNkosi lapho azi khona ukuthi uzobonwa. Kulethwa izwi ku-Esteri, naye athumele umsizi wakhe ukuba ayohlola ukuthi uMoridekayi wenzani. Uzwa ngamasu amabi kaHamani okuqothula abantu bakubo. Khona-ke uMoridekayi uthumela u-Esteri umyalezo emnxusa ukuba enze okuthile egameni labantu ngokubakhulumela icala labo phambi kwenkosi. U-Esteri uyaphendula, ‘Uyahlanya yini?’ Ukuya enkosini ungabizwanga kwakuyisigwebo sentambo. Kodwa uMoridekayi uyaphikelela. Ukhumbuza uEsteri ngesikhundla sakhe esiyingqayizivele nesinamandla esigodlweni, futhi uyamkhuthaza ngokuthi, ‘Mhlawumbe wazalelwa isikhathi esinjengalesi.
UNkulunkulu ubeke uEsteri esihlalweni sobukhosi ngisho nangaphambi kokuba amaJuda abhekane nosongo lokubhujiswa okuphelele, ukuze kulezizimo eziyingozi abekwe ukuthi asize. Ngalesi sikhathi, u-Esteri useneminyaka emine eyindlovukazi, kodwa noma kunjalo, akekho noyedwa esigodlweni owayazi ukuthi ungumJuda. Uzifaka engozini enkulu, ezihlanganisa nabantu bakhe, kodwa uyaqonda ukuthi yiyona kuphela indlela angabasiza ngayo. U-Esteri ubuyisela izwi kuMoridekayi, emcela ukuba enze wonke amaJuda aseSusa azile ukudla ngenxa yakhe njengoba elungiselela ukuya enkosini.
Futhi, siyambona uJesu kule ndaba. Njengo-Esteri, ekuqaleni akazange aqashelwe ukuthi ungubani ngempela. Njengo-Esteri, owazehlisa ngokuzihlanganisa ngokuphelele nabantu bakubo, uJesu waba njengathi ngazo zonke izindlela ngokuba sesimweni somuntu kwaKhe, ukuze azihlanganise nathi futhi akhulume icala lethu phambi kweNkosi yamakhosi.
Mhlawumbe, ezimweni zakho zamanje, uzwa sengathi uNkulunkulu akakuboni lokho obhekene nakho, futhi akanandaba. Sicela wazi ukuthi noma yini obhekene nayo njengamanje, uJesu uzihlanganisa nawe ngazo zonke izindlela. Uyakubona, Uyakuthanda, futhi Angakuhlenga.
Mayelana naloluHlelo
Incwadi ka-Esteri iveza ukungabi namandla kwabantu bakaNkulunkulu okuzisindisa ekuqothulweni ngokohlanga. Efaka ukuphila kwakhe engozini, u-Esteri uzihlanganisa nabantu bakubo, ezimbandakanya ebasiza phambi kwenkosi. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezintathu lusivezela indaba ka-Esteri yesibindi nothando futhi ifanekisela kanjani indaba yothando lukaJesu: Siwumfanekiso naye, wasifela, wasisindisa lapho singakwazi ukuzivikela thina.
More
Sithanda ukubonga u- Returning to the Gospel - Southern Africa ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://returningtothegospel.com/