UNkulunkulu UyahlinzekaIsampula
Ubukhona bakhe Buyisithembiso kithina
Siyazi ukuthi u-Israyeli wona ehlane. UNkulunkulu wanika uIsrayeli ithuba lokungena eZweni Lesithembiso… ngaphandle Kwakhe. Wathi uzothumela ingelosi. Wayezobasiza banqobe izitha zabo; kodwa ubukhona Bakhe babungahambi nabo. UMose washo amazwi anesibindi kakhulu. Wathi kuye: “Uma ungahambi wena uqobo, ungasikhuphuli lapha.” (Eksodusi, 33:15). UMose wanikezwa iZwe Lesithembiso ngaphandle kobukhona bukaNkulunkulu, kodwa akazange afune ukuya. Kwakungesikho okokuqala uMose ekhetha ihlane. Kwakunguye yedwa kuma-Israyeli owake waphila esigodlweni njengenkosana, kodwa wakhetha ukuphila ehlane esikhundleni sokuhlala ebukhosini. Lokhu wakwenza ngoba wayazi ukuthi uNkulunkulu wayenokuningi ambekele kona. Bangaki kithi abebengakhetha lokho? Khumbula, uhambo lwempilo alukho mayelana nezwe lesethembiso kodwa ubukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu unawe. Futhi, ulwazi lwasehlane ngobukhona bukaNkulunkulu lungcono kunanoma yini enye umhlaba ongakunikeza yona. UNkulunkulu unawe.
Ukuzindla: Ungathanda ukuthatha isikhathi sokumema iNkosi ukuthi ihambe nawe kulesi sikhathi sehlane? Ungamcela ukuthi embule ubukhona Bakhe kuwe namuhla, ukuze wazi ukuthi uyazi ukuthi uyazi: UNkulunkulu unawe
Mayelana naloluHlelo
Kwezinye izikhathi thina bafowethu singathola sizithola sisendaweni yentlango. Kodwa lapho entlango, uNkulunkulu unathi. Angasinika noma siphakathi kwenkangala noma ezindaweni eziluhlaza. Uma ungakwazi ukuthemba uNkulunkulu ngezikhathi ezinzima, lolu hlelo lokuzinikela luyindlela yokukhuthaza ukuthi singamthemba kanjani ekusizeni kukaNkulunkulu uma sibhekene nobunzima.
More
Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/